Imikhawulo4.13 IMIKHAWULO EBHEKENE NEZINTO ZOKUXHUMANA EZEHLUKENI 
 
I-IBA iphakamisa ukuthi imithetho ebanzi elandelayo yemukelwe ukuphatha 
okokuxhumana okwehlukene : 
  kungabikho muntu ophethe iphephandaba ovunyelwa ukuthola noma ukugcina 
  ukuphatha izimali zelayisense yomsakazo womoya noma yethelevishini. 
  kungabikho muntu osesikhundleni sokuphatha iphephandaba oba sesikhundleni 
  sokuphatha ilayisense yomsakazo womoya noma yethelevishini endaweni lapho 
  iphephandaba linabafundi bephephandaba abayi-avareji engaphezu kwama- 15% 
  abafundi bonke bephephandaba kuleyo ndawo uma ngabe indawo yelayisensi 
  yomphathilayisense womsakazo womoya ikhwelana ngokugqamile nendawo 
  yokusabalala kwephephandaba. Ukukhwelana okugqamile kuzothathwa ngokuthi kusho 
  ukukhwelana nga-50% noma ngaphezulu. Umphumela walo mthetho ukuthi 
  iphephandaba lisazokwazi ukuthola noma ligcine iqhaza lezimali elayisensini 
  lomsakazo womoya noma lethelevishini kodwa alizukwazi ukuba sesikhundleni 
  sokuphatha elayisensini elinjena uma ngabe abafundi balo bedlula inani 
  elinqunyiwe. 
  i-IBA izodinga ukuvezwa ngokugcwele nokubanzi kokuba ngomabelwamashezi nezimo 
  zezezimali zabanamalayisense okusakaza. 
  i-IBA iphakamisa ukutholwa unecala nezijeziso ezinzima ngokwephula le mithetho 
  futhi nokunikeza ulwazi olungelona iqiniso. 
  ukubekelwa eceleni kwale mikhawulo kuyonikezwa lapho kuvezwe izizathu 
  ezifanele. 
  lapho kusetshenziswe igama lokuphatha kumelwe libhekwe njengelihlinzekelwe 
  ohlelweni lwesi-2 loMthetho, kubhekwe ikakhulukazi ukuthi ukwabelwa amashezi 
  okunga-15% elayisensini yomsakazo womoya noma ithelevishini kuyothathwa 
  njengokusho ukuphatha. 
   
